줄루어 사도신경 / Apostle Creed in isiZulu (South Africa)

By | 6월 15, 2018

The Apostles’ Creed (isiZulu)

Ngiyakholwa kuNkulunkulu, uYise, uSomandla, uMdali wezulu nomhlaba. 
nakuJesu Krestu, iNdodana yakhe ezelwe yodwa, iNkosi yethu. 
Owamukelwa kuMoya oNgcwele, wazalwa yintombi uMariya. 
Wahlupheka kuPontiyu Pilatu, wabethelwa esiphambanweni, 
wafa wembelwa, wehlela esihogweni. 
Ngosuku lwesithathu wabuye wavuka kwabafileyo; 
wenyukela ezulwini, uhlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, uYise, uSomandla; 
lapho eyakuvela khona, uzothetha amacala abahleziyo nabafileyo. 
Ngiyakholwa kuMoya oNgcwele; ngiyakholwa kulo ibandla likaKrestu, 
elingcwele, elisezizweni zonke, elingukuhlangana kwabangcwele. 
Ngiyakholwa kukho ukuthethelelwa kwezono. 
nakukho ukuvuka komzimba. 
nakukho ukuphila okuphakade.